uhulumeni nokudla ezikoleni

Welekelela uhulumeni ngokudla ezikolweni yebo kwaba yisu elihle ukuthi uhulumeni alekelele ngokudla ezikoleni, ezinye izingane ziqhamuka emndenini odla imbuya ngothi , lokhu kuyasiza kakhulu ukuthi zikwazi ukuthola okuya ethunjini. Kodwa ke lokhu kufika nezinkinga ne nkohlakalo. Ezinye izingane zihlala nezihlobo lapho zingatholi ukudla okwanele ngenxa yokuthi abazali bazo bashona.

izinkinga ezingaba khona ngokudla ezikoleni

  1. Othisha badla ukudla kwezingabe bebe beqashiwe
  2. Izingane ezihlobene nalapho abaphakayo zona zithola ukudla okuningi ngisafunda emabangeni aphansi kwakwenzeka kuthiwe izingane zezihlobo azihlale lakuphakelwa khona zidlele khona.
  3. Abaphakelwa kuqala bathola ukudla okuncane, kuthi labo abafika ekugcineni bathole okuningi ngoba kusuke sekwenzelwa ukuthi kuqedwe ukudla kosuku, kumele omama babe nesikali sokupheka, kanye nesikali sokuphaka ukuze abantu bathole ukudla okulinganayo
  4. Omama abaphekayo bagoduke nokudla okwenziwele izingane.
  5. Izingane ezithola ukuthi okuncane. Iqiniso ukuthi asikho isikali esisemthethweni sokuthi ukudla kumele kube ngakanani.
  6. Ukudla okudliwayo kumele kubhekwe ukuthi kunikeza ama vitamins nama minerals ayikho ngempela okudingwa yizingane
  7. Ukudla futhi kungakudle kudliwe ngesikhathi esikahle ukuze izingane zifunde kahle usuku lonke, isibonelo: uma ingane ifike esikoleni ingadlile kodwa ukudla kudliwa ngo 1 emini, kusho ukuthi sonke isikhathi ekuseni leyongane ikhalelwa yisisu uma idla ngo 1 emini kusuke sekusele ihora no half vele igoduke okushuthi ukudla sekoyisiza ukuthi ingadli ekhaya.

umuthi wokuphasa wama students

Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni

Join Grade 12 students whatsapp group

Grade 12 Matric whatsapp groups


Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
 

izincazelo zamaphupho

Iziwasho nemithi

izithakazelo

izisho nezaga

Amagama esizulu izincazelo