Isinhlenhle umuthi

Inkalimasana or Isinhlenhle or isihlehle umuthi uyangena emithini ye business, emithini yokubiza abantu ukuthi bazothenga noma eyokubiza abantu esigodleni sakho. Ake senze isibonelo somuthi othakwe ngenkalimasana . Ukubiza abantu kwi business lakho usebenzisa: ikalimasana & umlunge. Yitshale lemithi yomibili esangweni lakwakho noma esangweni le business ngalesikhathi uyitshala ibe ukhuluma nayo uyitshele ukuthi uyitshalela ukuthi ibize abantu esigodlweni sakho bangapheli bangene ubuthaphuthaphu. Isihlehle futhi siyangena emithini yokucupha. Imbiza futhi isihlehle siyachatha ikakhulukazi izingane.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 

Umazwende isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisikhafulo, Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisibambelelo.
SEHLULAMANYE isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Usetshenziswa emithini yeziduna ebusweni, usetshenziswa emithini yokuthandeka, siyangena emithini yokuqonywa kubantu besilisa nokushelisa kubantu besifazane. Umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokugembula. Usetshenziswa emithini yokugeza isidumbu. Usetshenziswa emithini yokuqinisa ukhalo kwabakhulelwe ukuze isisu singaphuphumi.
Umdlula mithi isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Usetshenziswa emithini yokudonsa abantu, noma kwenziwa isigubhu semali.


Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp