Ncamashela (yesilisa neyesifazane) wenzani

INcamashela (yesilisa neyesifazane) Iyangena kwisibambelelo, iyangena kwisibango, iyangena kwidliso, iyenza umuntu wakho akuthande kakhulu anamathele kuwena angezwa lutho ngawe. Iyangena kumuthi wokuthandeka, iyangena kumuthi wesikhundla.

Ubhekamina ngedwa

Igobondela uqobo lwayo enza umuntu wakho abheke wena wedwa, ukuyekisa indoda or umfazi ukufeba abe ngowakho kuphela, ezwe wena wedwa.

Thulani MK AkengIchaze Ngalemithi engezansi ebalulekile emithini ethakwayo.
#Amahlungu_akwangwane - umuthi wokcupha nokbulala ungalokot usasel kulomuthi
#Ingobamakhosi- umut wokugoba wokudambisa something uyifaka knomimup umuthi lomut usiza ekugobeni
#Isehlulamanye- umuthi wenkani into uma inenkani usebenzisa lomut Loh
#Ishaqa - lomut siwusebenzisa eyintwen eyining umufuna leyonto imenawe phansi phezulu
#Incamashela - umuthi omkhuluk Loh ngoba uyazincamela Wena impela umkakho umayewusebenzise Kahle uba umsila kuye imvamisq usetshenziswa ama lady #unukani - uyasfaka ischitho uphinde uskhiphe futhi
#Umaphipha - uyaskhipha ischitho ukhiphe isdina nje ubemuhle
#Isqunga - sisusa mathunzi obumnyama syahlambulula
#Mhlakaza - uhlakqza esekwakhiwe ngawe ukuhlakaze
#Amanyazangoma- anyeza okunyezayo lah
#Memmezi - imvamisa lomut siwusebenzisa umasizobiza igama lomuntu sithaka ngawo
#Abagqogqozi - imvamisa ukuthi siwathume eyongqongqoza kbani Bani
#Umwelela- imvamisa ukut siwusebenzisa uma senza umuthi usheshe ungahlali ebuye nempendulo
#Umayisaka_obomvu - ngyengithi mina inkosi yomut wenza inteyiningi, kowentombi uyawuthol, kwisphephetho, kowokthakatha ukhon so kning
#Amabele_jongosi - lomut uyisihlanzo sentomb ikakhulu Kazi umuyishela intomb ufake lomut kuhlazimula ingono emabeleni
#Ingwavuma - iwela lika #vuma lemithi iyasebenzina Kanye #Nesvumelwane ekthenini izinto zivumeleke kahl Kanti nawe uvumelek kokwenzayo kokshoyo
#Inyengelezi - islwane imvamisa osbona sisaqhamuk masesizofik kuwe awusbon usbone sesiyosithel, kodwak usithaka no #phunyuka, #isithe, #ikhathazo, #Malala bayokuzwa ngendaba kut ukewandlula eduze kwabo

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke