Beuty tips

Castor Oil

Isusa ama-stretch marks, yelapha isikhumba esomile, yelapha izinduna namabala, yelapha isikhumba esishiswe yilanga, yisebenzise nakwi-kiwi uzowubona umahluko. Yisebenzise uma usuzolala, yigeze noma uyiyeke ubusuku bonke uyiwashe ekuseni.

Apple cider vinegar

U-vinegar ususa izinduna, amabala, ukhanyise isikhumba, ugcine isikhumba sikwi-PH yaso, welapha isikhumba esishiswe yilanga, welaphe isikhumba esilumayo, welaphe isikhumba esicwebezelayo, futhi uqeda ikiwi phakathi kwamathanga. U-vinegar futhi ususa nenkwethu. Udinga i-tablespoons eyodwa noma amabili ka vinegar emanzini ayinkomishi eyodwa kuya ezinkomishini ezimbili. Faka isikalo esincane sika vinegar, ungawusebenzisi kakhulu u-vinegar omningi uyasishisa isikhumba.

Sugar, lemon and honey

Uhlanganisa i-tablespoon kashukela uju, ne half kalamula. Uhlikihla ngakho ebusweni ukuze isiskhumba sakho sibukeke kahle, uma ususa isikhumba esimnyama esiphakathi kwamathanga uzohlikihla cishe ama-minutes angu 10 kuya ku 15, emva kwalokhu uzobe usuyakugeza.

Extra virgin olive oil

Inemiphumela emihle, ngisho nasenkomeni. Abantu besifazane bakhala ngenkomo emnyama, ubogcoba u-olive oil njalo uma usulala kwingaphandle lenkomo, uvuke ekuseni ugeze njengokujwayelekile. Uzodinga ukushefa inkomo kuqala ngaphambi kokuyigcoba. Olive oil isusa ikiwi kanye nama-sctretch marks futhi, nasebusweni yigcobe ngaphambi kokulala izokwenza isikhumba sakho sibe sihle.

Morning urine

Umchamo wasekuseni wenza isikhumba sihlanzeke, kushabalale amabala nezinduna. Kumele usebenzise ithawula elihlanzekile, ulithele ngomchamo bese uyahlikihla ebusweni wenze i-circle motion, ufake inani elincane lomchamo, umchamo omuningi ungase use ube nama-results angemahle esikhunjeni.

Sunflower oil

Amafutha okupheka lawa abhalwe ngaphandle ukuthi sunflower oil, asiza isikhumba esomile sithambe, asusa izinduna, enze isikhumba sibukeke sisisha noma iminyaka isihambile. Wagcobe uma uhleli endlini noma usulala, amafutha kawezwani nelanga isikhumba siyasha uma uphumela elangeni.

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp
Comments
Mbalenhle Mdlalose 2020-09-27 19:40:03
Ngicela iwasho zenhlanhla yemali nicely usizo
THOBILE Memela 2020-10-31 20:41:28
Mmm ngyabonga ngcela ning add kulegroup plz

Ulwazi ngemithi eyizihlahla

Ulwazi ngemithi ethakiwe