Ukucima konga ugesi kunemiphumela eyahlukahlukene ukucima ugesi kukahulumeni kuqala izinkinga emiphakathini esikuyona, futhi kungadala nezingozi, ake senze isibonelo, ake sithi uyapheka bese ugesi uhamba , kuyenzeka ukhohlwe ukucima isitofu, bese wenza okwenzayo ngalesikhathi ugesi ubuya isitofu sivuthe kushe indlu. Ukuhamba kukagesi kubalekisa inzuzo kuma business ancike kugesi ukuthi asebenze. Amabhizinisi achitha izimali ethenga imishini esebenzisa upetrol nawo upetrol uyabiza ngokwawo, lokhu kugcine sekunyusa izindleko zebusiness , kugcine sekunyuza izindleko zomkhiqizo. Kunezindawo lapho kungabaswa khona ezindaweni ezifana nasemalokishini lapho kungathezwa, uma ugesi uhamba abantu bazohlala bangadli uma bengena imali yokuthenga ukudla okusheshayo. Ukudla kuyabola kwiziqandisi, ikakhulukazi ngalesikhathi ugesi uhamba amahora amaningi khona.
Ukuhamba kukagesi kwehlisa umnotho wezwe, abatshali zimali babaleke. Izibhedlela zincike kugesi ukusebenza , uma uhamba ugesi , abantu abagulayo bazosizwa kanjani? Ukuhamba kugagesi kuthiwa kuhambisana nobugebengu bokutshotshwa kwamakhebuli, ngoba ngalesikhathi uhamba ugesi izigebengu zivele zithole ithuba ngoba kusuke kumnyama ziyontshontsha. Ngo 2008 kunezimayini ebezivalwa uma ugesi ungekho, uma zivalwa izimayini kushuthi abantu abasebenzi, uma behola bengasebenzi inkampani iba sezindlekweni, okulandelayo ukuxoshwa kwabantu.
Ukubaluleka kobuchwepheshe esikhathini samanje English article
Ububi nobuhle bobuchwepheshe
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
Uma kukhona isihloko se essay osidingayo ongasitholi sicela wenze icomment lapha ngezansi sizozama okusemandleni ukukusiza
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |