Previus Page

Incwadi yamakhandlela

Ukulahla amakhandlela

Uma wenza ikhandlela kumele livuthe lize liphele, uqinisekise ukuthi ikhandlela lakho lisendaweni ephephile, ungashisi impahla yakho nomuzi wakho. Emva kokulisebenzisa ikhandlela kumele ulilahle ngalesosikhathi. Konke okusele obewukusebenzisa emuthini wakho kuzodingeka ukulahle nekhandlela. Ikhandlela lokukhipha ibhadi ulimbela kude nekhaya noma ulilahle emfuleni ohambayo. Ikhandlela lezinto ezinhle ulimbela eduze nekhaya noma ulishise emlilweni.

Kumele ulimbele ungabonwa ngumuntu, umgodi wakho ube-deep. Ikhandlela uzoligoqa ngendwangu engakaze isebenze, bese ufaka nokunye obewukusebenzisa nekhandlela, okufana nephepha le-petition, konke lokhu uzokugoqa ngendwangu ewumbala ofana nowekhandlela. Isibonelo: uma kuyikhandlela lomsebenzi uzosebenzisa indwangu e-green. Uma kukhona ofuna ukukusho ungakusho ngalesikhathi ulahla ikhandlela lakho.

Uma bewugeza ngomuthi lowomuthi wokukhipha ibhadi, wuchithe emfuleni ohambayo, noma uwuchithele esihlahleni, ngaleyondlela ama-energies akho azosuka aye esihlahleni. Nalo ikhandlela futhi uyakwazi ukulimbela ngaphansi kwesihlahla. Emva kokuba ulahle amakhandlela akho uzobuyela ekhaya uhambe ungabheki emuva. Emva kokukhuluma okushoyo kwikhandlela kumele usho u-Amen we-magic, esikhundleni sokuthi ameni uthi: “So mote it be”

Ukwenza umxovo wakho ubenamandla

Enza isiqiniseko sokuthi amathuluzi akho uyawawasha ngamanzi ane-salt ngaphambi kokuwasebenzisa. Geza nawe ngamanzi ane-salt, uhlanze indawo yakho ngokuthunyisa ama herbs afana ne-sage. Uma ususebenzisa amakhandlela wahlikihle kuwena ukuze ube ne connection namakhandlela akho, nokunye ozokusebenzisa kwimixovo yakho kuhlikihle kuwena. Ezinye izinto ezifana ne-powder ne-oil ongeke wazihlikihla kuwena, zibambe ngezandla zombili uguqe ngamadolo, ucabange inhloso yomxovo, ucabange energy isuka emqondweni wakho iya kulezozinto, ngaleyondlela lezozinto zizoba nama-energies akho. Sebenzisa izithako ezifana ne-cinnamon, garlic kwimixovo yothando lokho kwenza umuntu abe-sweet kuwena. U-Ginger powder uzokwenza noma imuphi umxovo usheshe ukusebenza

Funda ngemithi

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp
Comments
Siphokazi Masina 2020-09-13 22:20:18
Celu buza ndilahlekelwe,nglenze njan candle red neznaliti?Thanx
Nombulelo Dlamini 2020-09-23 10:13:13
Hi ngcela ukubuza mangifuna ukuqinisa uthando lwam nobaba womntwana ngingenzenjan coz ngyamubona ukut uyangithanda manje inkinga inomnden wakubo uthi abangifuni and yena uphakhathi nendawo kwam nomntwana nomndeni wakhe manje ngyamthanda and usengilahlekele kaningi njengoba ebuyile angisafun aphinde angishiye
Nombulelo Dlamini 2020-09-24 10:00:21
Hi ngcela ukubuza mangifuna ukuqinisa uthando lwam nobaba womntwana ngingenzenjan coz ngyamubona ukut uyangithanda manje inkinga inomnden wakubo uthi abangifuni and yena uphakhathi nendawo kwam nomntwana nomndeni wakhe manje ngyamthanda and usengilahlekele kaningi njengoba ebuyile angisafun aphinde angishiye

Ulwazi ngemithi eyizihlahla

Ulwazi ngemithi ethakiwe