Previus Page

Incwadi yamakhandlela

Ukulungisa indawo yakho

Indawo ozokwenzela kuyo ikhandlela kumele ibe ngehlanzekile. Ngaphambi kokwenza ikhandlela uzovula amawindi kushaye umoya, kungene nelanga, uma sewulayitha amakhandlela-ke, uzovala amawindi neminyango. Kumele uthunyise amakhambi axosha imimoya emibi ngaphambi kokusebenzisa ikhandlela.

Ikhandlela ozolisebenzisa

Makube yikhandlela elivulwe nguwe ephakatheni. Ikhandlela malithengwe nguwe esitolo. Uma lithengwe ngomunye umuntu kayikho inkinga kodwa imali kumele iqhamuke kuwena. Uma selivele lithengiwe, udinga ukulithenga futhi kulowomuntu. Ngasosonke isikhathi kumele kube yikhandlela eliyi-virgin, okusho ukuthi yikhandlela elingakaze lisebenze. Ikhandlela ulisebenzisela umxovo owodwa bese uyalilahla. Uzokhetha umbala wekhandlela lakho, lapho ungenaso isiqiniseko sombala okumele uwusebenzise ubosebenzia ikhandlela elimhlophe.

Ukuhlanza ikhandlela lakho

Ikhandlela uma lifika kuwe lisuke lidlule ezandleni zabantu abaningi, uzodinga ukulihlanza ukuze kuphume imimoya yabantu emibi. Uzokhetha indlela eyodwa kulezi yokuwasha amakhandlela akho: Ikhandlela uyaliwasha ngamanzi ano-salt noma ngamanzi owakhe emfuleni ohambayo, Futhi uyalihlanza ngokulithunyisela ngamakhambi akho, ikhambi eliright ukwenza lokhu yi-sage, uyaliwasha ngamanzi lawa owenze nge moonlight, noma ulibeke ngaphandle ngosuku lapho isibhakabhaka si-clear, noma beka ikhandlela Phakathi kwi-sea salt ubusuku bonke.

Emva kokulihlanza ikhandlela li-rub kuwena ukuze lithathe ama energies akho. Zonke izitsha ozozisebenzisa nazo uzozikilina njengoba wenze kwikhandlela. As wenza lokhu ucabanga inhloso yakho yokulayitha ikhandlela, ungakhohlwa ukukhuluma usho ukuthi imimoya emibi mayiphume kwikhandlela ngalesikhathi ulihlanza.

Funda ngemithi

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp

Ulwazi ngemithi eyizihlahla

Ulwazi ngemithi ethakiwe