Umembeso or mbeso wenzani

Uyangena emithini wokukhipha isilwane. Uyangena emithini yokususa isichitho neyokususa isinyama. Uyangena emthini wezinso. Uyangena emthini yokuyekisa umuntu utshwala. Uyangena emthini yokuqinisa ukhalo kumuntu okhulelwe ukuze ingane ingaphumi. Uyangena emithini emayelana namadlozi.

Umuthi wokushunqisa or wokuthunyisa ekhaya

Ake sakhe intunyisa ekhaya kube mnandi kuphele ukusinda kwamahlombe, kuphele izilwane nezinto ezidonsa umqondo uhlale ukhathele izingane zifunde ziphase esikoleni.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke