Umdoni uyangeni emithini yedlozi uyangeni emithini yokukhipha idliso, elinye igama lomdoni udlozikhulu umuthi ngoba usebenza impela emithini yedlozi, umdoni uletha inhlanhla . Umdoni ususa amathunzi amnyama uqeda izinduna ebusweni ukhipha idliso. Iqolo elibuhlungu noma unesilonda semimoya thaka umdoni neminye imithi usizakale. Izindoni uma sezivuthiwe uyazithatha uzifake emanzini, uziphuzise umuntu ongasakudli okudla uma egula uyasinda. Umdoni uyangena futhi kwintelezi yokuchela egcekeni, futhi uyasibamba isisu uma sikhishwa. umdoni wehlathi vs umdoni womfula. Kunomdoni wehlathi, kanye nomdoni womfula - zombili izinhlobo ziyasetshenziswa. njengoba amagama ezichaza umdoni womfula umila eduze namanzi emifuleni umdoni lona othanda amanzi. Bese kuba umdoni wehlathi lona umila eqeleni nasemahlathini.
Ukukhipha idliso usebenzisa umdoni ufaka umathunga, umbondo, ubhatini kanye neminye imithi. Icombo lena ehlangene nomdoni ilikhipha idliso ililahle laphaya.
Ukuchatha ngomdoni kuyasiza uma unenkinga yeqolo. Uma uzochatha uxuba nomganu noblekwana kanye neminye imithi
ukuphupha udla izindoni or ukuphupha isihlahla somdoni noma umdoni kuchaza ini? Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:
Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |