GEDEGEDE - umfazothethayo, mfazi othengayo, Uqhume, Lwathile /lathile, Abaxokozeli umuthi wenzani

GEDEGEDE - umfazothethayo, mfazi othengayo, Uqhume, Lwathile /lathile, Abaxokozeli wonke lamagama achaza umuthi owodwa. Uma izinto zithulile, kungenzeki lutho ufaka umfazi othethayo emthini wakho, lomuthi uyakhuluma nedlozi. Uyangena emithini yedlozi. Uyangena emthini yokukhuphula isithunywa. Uyangena emthini yokuthandeka, uyangena kwizikhafulo. Uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni. Uyabenza ubulawu lomuthi. Uyangeni emithini yokucacisa amaphupho. Uyangeni emthini yenhlanhla. Uyangeni izifo egazini, esinyeni, Kanye nokuvuza, uyawupheka uwuphuze futhi uyachatha.

Umuthi wezinhlanhla Umuthi wokubuyisa izinhlanhla zakho ezashabalala, umuthi omuhle kakhulu lona, uzobona inhlanhla isondela futhi kuwena. Thatha nangu umuthi for bring back your luck.

Umuthi womsebenzi usebenzisa Umfazi othethayo, gaya ube yimpuphu faka 3 yamakhezo ku 10L ufake nenyongo yenkukhu uphehle ubize umsebenzi wena ongasebenzi ubize madlozi enhlanhla, uphehle for 3 days uhambe ugeze phandle kwekhaya ngo 5L omunye u 5L futha uphalaze bese uyofaka ma C. V noma uyo fola.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke