Indabulavalo umuthi wenzani?

INdabulaluvalo Iyangena kwisikhafulo, iyangena kwidliso, iyangena kwizinhlanga zothando, iyangena kwintelezi yezitha. Iyangena emthini wokulanda isikweletu. Iyangena kumuthi wokukhuluma uma ufuna umuntu akuzwe. Iyangena kumuthi wogazi, iyangena lapho ufuna bakuhloniphe, balalele okushoyo, kukhale isicathulo sakho. Uyawusebenza ukuxosha uvalo.

Indabulaluvalo umuthi owenza izinto eziningi uyathakwa nospahluka kanye neminye imithi ukuze umuntu othandana naye uma befeba uzovele aphahluke akutshene. Ndabulavalo igxolo lakhona uyalithaka neminye imithi wenze induku yokubuyisa imali yakho uyithumele kulomuntu okukweletayo. Indabulavalo umuthi uyangena emithini yesithunzi ukuze ube nesithunzi. Indabulavalo umuthi uyangeni emithini yokuqeda uvalo. Indabulavalo umuthi uyangena kwintelezi. Indabulavalo umuthi uyangena kwimithi yokudlisa othandana naye.

Indabulavalo is used to create love spells, it is used as a spell for debtors collection if someone ows you money. It can also be used as muthi for fighting back your enemies.

Isikhafulo esinomuthi indabulavalo

Isikhafulo sesithombe esifakwa umuthi indabulavalo, ake uhlanganise lemithi elandelayo wenze isikhafulo sesithombe ubone ebuya udali wakho. Uzodinga isithombe (photo) sakhe kanye nesibuko esisha (mirror).

Umuthi wokubuyisa isikweletu kulabo abakukweleta imali.



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?