Ibhakubha or intshuda wenzani

Ibhakubha or insunda umuthi uyageza ngalo neminye imithi ukuze uthandeke, liyangena emthini yokubiza inhlanhla Kanye nemali. Kunemithi ethi ayifane nebhakubha eyintelezi encizayo wogeza ngayo ubuye eclinic. Ibhakubha alincinzi, uqaphele futhi ibhakubha lase Zimbabwe baningi beshutha beletha izithombe nebhakubha lase zim elingafani nelethu.

Ibhakubha umuthi omuhle loyo wenhlanhla nokuthandwa livula nezinto futhi likwenza ube muhle uthandeke ucwebezele usuleke ebusweni if ugquma ugeza ngalo & liyayandisa nemfuyo uligubhela esbayeni egeythini izinkomo zikhwelana nsukuzonke lenza njalo nakubantu, alifuneki endlini ngoba livusa okuyimizwa, ungalisondezi endlini ngoba lizovusa imizwa kubantwana uma bezwa iphunga lalo. Ibhakubha elinye igama insunda.

Sihle Xulu Bantwana bedlozi ngicela usizo konolwazi ngomuthi obizwa ibhakumba ngithole insizwa yaseZimbabwe ngayicela ukuthi ingaphathele ibhakumba yavuma yathi ungangiphathela ngakubi ok yahamba yabuya nalo mangibuza komunye wakhona uthi yilo ibhakumba inkinga lento ngiyibonamina ingifanela nondukuzibomvana nje lento igcwele lapha bengicela onolwazi ongichazele ibhakumba liyefana Yini nodongazibomvana?

Busi Busisiwe Cishe ngakubo untangana zibomvana bambiza bhakumba.

Paul Dlamini Undongazibomvana ubomvu ibhakumbali brown undonganazibomvu uyaluma ungachelangawo igcekelakini ukuze kungangeni omoya ababi

Sandiso Saider Hadi Chaaa alufani khehla nondongazibomvana Lona librown khehle hayi red mawuthi uyali greata line nwebu okungathi yichepisi alilumi Uma uhlamba ngalo angazi ke ukuthi ngingaybeka kanjani lendaba but alufani tuuuu no ndongazimva

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 

Mumbu/Nguboziyeweni isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Umuthi othambile lona wokubaza, unegxolo eliphuma izinto ezingathi amaphepha, angiwazeli izinto eziningi ekwalapheni lomuthi, ngaphandle kokuthi uyasebenza ukususa umuntu eduze kwakho ahambe angabheki emuva. Uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini exosha isikhova ekhaya.
Mhlakaza or Ndiyaza or isindiyandiya isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokwenza isichitho or umuthi wokuhlukanisa izithandani. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwizikhafulo. Uyangena emuthini wokususa amabhadi nesinyama. Uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokuyekisa umuntu umsebenzi. Ungena kuzona zonke izinhlobo zesichitho, uyangena ekuhlakazeni izitha ezihlangene ngegama lakho zijikelane zodwa. Uyagcaba ngawo esiphundu uhlanganiswa namafutha athile ukuze abantu bangakushayi bekuvelela ngemuva. Usetshenziswa emithini yokudlula kumaphoyisa namapara, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wecala. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwintelezi yokuchela.


Video efundisa ngemithi yonke