Amampunzane or umampunzana wenzani
Umampunzane uyafutha, uyaphalaza. Ususa isidina, uletha izinhlanhla, ungena nasemthini we business.
Uyangena kumuthi wokuthola umsebenzi. Uyasebenza futhi uwodwa. Uyangena kumuthi wesikhundla.
Eligama likamampunzana Induku kaShaka.
Umuthi wokuvula impumelelo
Induku kaShaka umuthi wokuqaqa izibopho ezibambe impumelelo. Sizosebenzisa umampunzana ngoba iwona umuthi wosuku.
Azikhale.
Waze wamuhle umuthi uyazi lomuthi uxoxa yonke indaba, uthi ngizonyuselwa esikhundleni,
ngizohlonipheka, izinto zami zizocaca, okuhle kuzosondela, ngizoba yinkosi langiphila khona,
uboke uthathe lomuthi uwuyise kumuntu owelaphaya owaziyo umuthi uzobona encoma.
Umuthi wenhlanhla
Vula izinhlanhla zikulandele, zikusukele, uthi uzambela ivele ithinhlanhla "Bingo"
Umuthi wokuthandeka
Umuthi wogazi lona umuthi wokuthandwa izintombi wokuthandwa abaqashi wokuthandwa amadoda.
Umuthi wokuba isithandwa kuwowonke umuntu, umuthi wokuqaqa igazi ungabi negazi elimile kubantu,
ungaze uye kolanda imithi yezitha ngoba abantu bexabana nawe bekuhleba bekuzonda bethi uphakeme
kodwa wena ube uzazi awuphakeme, ubobheka izitha ezinye zidalwa imithi ofakwe yona,
ake sikwenze ube muhle ngisho abathakathi bazokuthanda bakuyeke bangakuthakathi.
Senzie
ngiyabingelela layikhaya lokuphila ngicela usizo nginekinga yokuvele ngithi
ngisahleka nomuntu ngibone eaengihlinela ngokunjalo nasemuntwini engithandana naye
kuba njalo sengize ngakhetha ukungabi namungani ngizopholele umuntu ngingamenzanga
lutho uthole ukuthi omunye umuntu okanye abantu mehlangana nami ngimubone
ekhophoza kukhona oseZe wangitshena ukuthi eyi ngiyasiqhoka isikhumba
senja ingiphethe kabi lento naku facebook ngike ngasukelwa umuntu wathi
ngibukeka sengathi ngiyashaya eyi inhliziyo yami iba buhlungu ngoba angazi nginani
mina nasemusenzini ngivele ngibe naleyo kinga ngikhuluma nje angithandani namuntu
Admin Ake uzame umampunzana, uzobuya uzongipha R200 izinto zakho zizoshintsha.
Iyona lento ebengikhuluma ngayo ukuthi uvele usukelwe abantu empilweni ube nezitha,
ungaze uthole isikhali uhambe naso kanti inkinga ikuwe ihamba nawe.
Senzo A
ngicela uncedo kakhulu ngihlushwa impukane mangesizo impukane kwesinyisikhathi inyosi or inyekevu zingilandela ngendlela engingayiqondi cz
ngifika endaweni kukuhle ngihlale or 5 minutes ayi ayi ngiyobe sengiphebeza ngingaqedi lpho zilwa nokuzemlonyeni endlebeni emehlweni celusi
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Indlela yokusebenzisa imithi yesintu
Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:
- Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
- Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
- Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
- Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
- Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.
Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.
Video efundisa ngemithi yonke