Ukweqgela inkomo - kulapho ekwaluseni uvimba inkomo ukuthi ingene embileni, uyikhalima uyihambisa ngendlela ekufanele ihambe ngayo, ukuqgela inkomo ukuyishintsha uyijikise iye kwenye indawo.
Ukushaya utshani ukuhamba komuntu kungalindelekile isibonelo, uma umuntu ezoqoqa imithwalo kuse engekho ehambile kungalindelekile, lowomuntu ushaye utshani, ukushaya utshani kunokuhamba sakubaleka phakathi.
Ukufaka Umunwe esweni - ukuhlokoloza umuntu umchukuluze, Ukwenza into komunye umuntu angayithandi emphatha kabi okanye emdinayo.
Ukuba wuzinyo bulala - ukuba wedwa kini, ungabi nomuntu okwelamayo, nomlamayo, ukuba uzinyo bulala kuchaza ingane ezwalwe iyodwa ngabazali bayo.
Ukucweba isiziba - ukuthi kuthulakale, kungazwaki lutho ngodaba, noma kungabi namnyakazo owenzekayo, ngingathi nje kungenzeke lutho ngodaba.
Ukucasha ngesithupha - lapho umuntu esuke ezivikela kodwa ingekho into ayiphikayo, kube kucacile ukuthi indaba ikhomba yena, lowomuntu usuke ecashe ngesithupha.
isilo sengubo - ukwenza umuntu isilo sengubo, kungachaza ukushaya umuntu kakhulu noma ukumenza intombi emzwisa ubuhlungu.
Ukuhlanganisa umuntu namabonda - kuchaza ukushaya umuntu, umxebule okungaba ukumshaya ngenduku, impama, kodwa lokhu akuchazi ukushaya umuntu lapho kudlalwa induku kumgangela.
Ukuqotha imbokodo nesisekelo - ukuhlasela ufike ubulale bonke abantu lapho bewuhlasele khona, uma kukhona abasalile njengezingane ezincane, cha akukhona ukuqotha imbokodo nesisekelo, lomusho uchaza ukubulala wonke umuntu kungasali noyedwa.
ukushiya igabandi or igabade - kuchazwa umuntu ophakeme lapha omude, umuntu mayemude kakhulu usuke ewushiyile umhlabathi ewubukela kude, lapho ke sithi usuke eshiye igabade.
Emathumbu amnyama kayifi, kufa emathumbu amhlophe kuchazani lokhu? Idla noma yn ungakhethi,as long nje kuna something esiswini.
Emini kwaBha beBade, obani abade lana? Abantu bonke basuke bebade kunezithunzi zabo. Ngabo 12:00 emini akekho umuntu oba mfishane kunesithunzi sakhe.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |