izithakazelo zakwa Mkhize

izithakazelo zaka Mkhize: Mkhize,gcwabe,gubhela,khabazela kaMavovo,ngunezi,mumbo omhlophe,Nini enikhanya amasi esiswini njengelanga,nhlama eyaphela etsheni ngokubadabukela,Nina enadla umuntu nimu yengangendaba,singela,sibi eside esimajembelezane,sibi eside esimaphandlaphandla,esaphandla emanguni,asukuma wonke avungama,ngwazi emabhudla,Nini enalala nomunywe edunu,malala emahle,nzala kaSambela,nzalankomo.

Mkhize bavela eswazini baziwa ngokuthi abambo nguni ngokwezigaba zabanguni. Basuka eswazini bahlala enkandla ekuhambeni kwesikhathi basuka baya kulendawo ekuthiwa umbumbulu manje kodwa bathi mabefika Kuyo betshala ukudla kwabo kwangathela ngendlela abatijwayele umhlabathi wangavuma base bethi imbombulu le okuwukuthi akusiyona imbo yangampela .uZihlandlo wabaluwa emvakokubulawa kwelembe ngoba Naye wayesondelene kakhulu noshaka ngakho babebulawa abantu ababesondele kuze bengabi uhlupho.

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp

Ulwazi ngemithi eyizihlahla

Ulwazi ngemithi ethakiwe

Iziwasho nemithi

izithakazelo

izisho nezaga

Amagama esizulu izincazelo