Ukushaya inyoka - kusuke kushiwo lapho kugcokoliswa umuntu wesifazane endleleni, uyazi ukuthi intombi ayidlulwa ngendlela, noma ngabe yimbi, kumele usho amancoko amnandi wedlule. Lapha kusuke kungaqondwe ukubulala inyoka.
Ukuphatha umunyu - lapha sikukhuluma ngomuntu obalisayo, onosizi, hlambe ushiwe ngumuntu athandana naye uyabalisa, lobobuhlungu bokubalisa, ukhala uzithulisa, lubizwa ngokuqhatha umunyu.
Ukubhekana ngeziqu zamehlo - ukubukana ngeziqu zamehlo, kuchaza ukungezwani khona, lapho abantu bengaphekani. Kusuke kunenxabano ekhona phakathi kwabantu ababili kuya phezulu.
Ukucupha uchuku - ukudelela abantu ngenhloso yokuthi bakulwise noma bakuphindisele, isibonelo: kungaba wukudelela abantu bengazange basho lutho kuwena, ngenhloso yokuthi bacasuke
Ukuvuka inja ebovu - ukucasuka uthukuthele uthelwe ngezibonkolo, ukucasuke kakhulu, isibonelo: uma unyathela umuntu isicathulo, avele acasuke kakhulu, akulwise, singathi lapho lowomuntu uvuke inje bovu.
Ukunqumela umuntu ugwayi katiki. ukunikezwa isikhathi esingunqamulajuqu ukuthi wenze into ethile, uma ungayenzi leyonto uzozithola usenkingeni. umuntu angakuqgumela ugwayi katiki ukuthi ukhokhe imali uma ungafuni uzokubopha.
Ukusenga ezimithiyo - inkomo emithi angeke ukwazi ukuyisenga, uma umuntu kuthiwa usenga ezimithiyo kusuke kuchazwa ukuthi lowomuntu usuke eqamba amanga.
izimpethu zendlovu - lapha kusuke kuchazwa khona abantu abaningi, abantu abaningi bafaniswa nezimpethu zendlovu ngoba indlovu inkulu, uma ifa, iba nezimpethu eziningi
uzulu eya emakheni - abantu uma kuthiwa baningi bangu zulu eya emakheni, kusuke kuchazwa abantu abaningi , abalinganiswa nebutho likazulu liya emakheni. ABANTU BANINGI UZULU EYA EMAKHENI , UZulu wayeyaphi EMakheni? Eya kokwenzani? Emakheni
Abantu babulala inyoka - kusuke kuchazwa abantu abaningi, bheka lakuthiwa khona abantu bangangezimpethu zendlovo, ufunde lakuthiwa khona abantu babenguzulu eya emakheni.
izinkamba zika faro - lokhu kusuke kuchazwa khona utshwala, amanye amagama achaza utshwala, amanzi ampontshana, ziningi izinhlobo zotshwala ezikhona, utshala besilungu kuthiwa izinyembezi zika queen wasengilandi. uQueen uyindlovukazi yamangisi phesheya.
ukubeletha - ukuteta noma ukuthola umntwana, umuntu kuthiwa uyabeletha kodwa izilwane kuthiwa ziyazala, nakho ukuzala kwezilwane kubizwa ngamagama ahlukene, ikati, injani, inkomo, imbuzi kunamagama akho achaza ukuzala.
ukudla endala - kusuke kuchazwa umuntu obesebenza, noma osebenze isikhathi eside wabethola impesheni noma wathatha umhlala phansi, ngalesikhathi esebenzisa izimali zakhe zempesheni eziphume emsebenzini usuke edla endala.
ukubhekwa abakini - ukubhekwa abakini kusho inhlanhla, lokho kuphikisana nokufulathelwa idlozi, uma umuntu ethi ufulathelwe yidlozi, uchaza ukuthi izinto azimhambeli kahle, kungenzeka unamabhadi amaningi.
ukubhekwa yisambane - kuchaza ukuba nebhadi la, isambane isilwane esihamba sibheke phansi, asimbheki umuntu, ukubhekwa yisambane kuchaza ibhadi elikhulu.
Ukusenga inkomo nenkonyane - kuchaza umuntu ongenaso isimilo, akekho umuntu onemisilo ongathandana nomama kanye nendodakazi yakhe, uma lesisho usifunda ngomqondo wokuhlanipha sizokudida ngoba inkomazi uyayisenga kodwa inkonyane layo angeke walisenga ngoba lisuke lisalincane futhi lingazele, inkonyane inkomo encane engakabi ezingeni lezinkunzi. Ngamafuthi lesisho siqonde ukuthi lowomuntu akanaso isimilo.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |