What is iphupho , iphupho is a zulu word which means dream, ukuphupha is a zulu word which means to dream. Amaphupho means dreams, amaphupho nenzincazelo means dreams and explanations.

Amaphupho afika ngezindlela ezingafani ezahlukene, amanye amaphupho mahle amanye mabi, amanye abika isifo : ukushona komuntu, amanye abika izinto ezinhle ezizokwenzeka empilweni yakho, kanti amanye amaphupho asuke elethwe amadlozi , abantu abaneziphiwo bayakwazi ukuphupha izinto zenzeke. Isangoma, igedla bobabili bayakwazi ukuphupha umuthi ozosiza umuntu. Ithwasa futhi no gobela bayaphupha izinto eziningi ngalesikhathi ithwasa lithwasiswa. Amanye amaphupho afika kuthina ngenxa yezimo ezithile isibonelo, uma uphatheke kabi uyalala uphuphe kabi ngoba ulale umqondo ungekho right, uma ukhafulwa umuntu ebusuku noma ebiza igama lakho kumuthi uyaphupha futhi, ngesinye isikhathi uyaphupha futhi uma indlu okuyona inemoya engasile, isipoki endlini siyakwenza uphuphe kabi. Amaphupho nezincazelo siyawathola yonke indawo nako facebook, eqinisweni bancane abantu abanesiphiwo sokuchaza amaphupho.

Amaphupho nezincazelo zawo. Iphupho lidinga ulihlalele phansi ulilalende lonke ngaphambi kokulichaza. Ake senze isibonelo, nali iclient liyafika lithi "ngiphuphe ngigibele imoto" Leliphupho kaliphelele, kumele lowo ochaza iphupho abuze ukuthi imoto beyinjani? kungeyabani imoto? beyigijima, ihamba kancane, noma imile, noma ihlehla? ishayelwa ngubani? Umbala wemoto, iyinhloboni? ngoba izimoto kazifani kunemoto yemali, kube nemoto ethwala izidumbu, kube nemoto ethwala abantu, kube nemoto yamaphoyisa, zonke lezimoto zinezincazelo ezingafani ephusheni. Kuleli page sizamile ukuhlalela amaphupho sawachaza, singeze sawachaza wonke amaphupho akhona empilweni kodwa siyathemba ukuthi uzosikala kumaphupho essiwachazile.

amaphupho esizulu siyawachaza kanye nezihlobo zokuthi amaphupho amahle noma amaphupho amabi yini?

Inkcazelo yamaphupha xhosa language, siyawachaza wonke amaphupho esizulu nesixhosa.

Read more dreams below Read more dreams below Imithi iziwasho

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp