Umemezi obovu or omhlophe wenzani

Umemezi obovu or omhlophe. Uyangena kwizikhafulo zothando. Umemezi wonke uyangena emthini yedlozi, uyangena emithi edinga ukukhuluma nomuntu. Umuthi wokubuyisa isikweletu. Umemezi omhlophe uyangena emthini yenhlanhla. Uyangena kwigobongo lesambulo. Uyangena emthini yokuthandeka.

Umemezi wenza isikhafulo.

Buyisa intombi eyakushiya

umuthi wokubuyisa intombi eyakushiya osebenzayo. Thatha lemithi elandelayo uyigxobe uyihlanganise ukhafule udali wakho owakushiya: MMEMEZI OMHLOPHE, MMEMEZI OBOVU,SONDEZA, MKHAPHA LANGA, SEHLULA MANYE, MTHUNYELELWA, ABANQONQOZI, ABAKHONGI,MHUNGULO, UMUSA, UMUNYU, ZULA AZE AYITHOLE, MZANENO, WOZA WOZA, UNGINAKILE, ABAPHAPHI,UZIBUTHE IKHUBALO, ZIFUNELE, MLOTHA WAMA NDIYA, MOYA WEZWE.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

Ngibonga kakhulu nitholakala kuphi khona engfisa ningsize kukhona bakithi.
167 posts
Reply
?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke