Mbhijikhubalo or ingwijikhwebu wenzani

Ingwijikhwebu iyangena emithini yecala, iyangena emithini yezitha, uyangena kwizikhafulo.

Umuthi wecala or umuthi wezitha

Umuthi wesitha esikuphethe kabi emsebenzini, noma umuthi wecala enkantolo, noma umuthi wecala lomsebenzi lokhu okubizwa nge hearing. Induku enhle kakhulu lena ngisho izinkabi zifika kuwena zikubuze ukuthi ulaphi.

Hlakaza izitha ngengwijikhwebu

Ukuhlakaza izitha udinga yona impela ingwijikhwebu bese ufaka umhlakaza, usebenzisa isikhali lapho unqunu uyakhuluma, uyathetha.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 

DOLOFIYA isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yomzimba omubi amaqhubu. Usetshenziswa emithini yezifo zamadoda.
Nsukumbili isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Welapha izilonda ngaphakathi. Umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokwenza inkomo ibe tight. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwimithi yomzimba omubi, amaqhubu, amathumba.
Ikhokhela isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Ufaka emithini wokuqoqa isikweletu, ufaka emithini webusiness, ufaka emithini wemali. Uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wenhlanhla.


Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke