Idangabane tress uses
Idwangubane umuthi likhula emifuleni nasemaxhaphozini. Liwutshali alisiso isihlahla. Uyalisebenzisa uma weshela intombi efakwe izizwe, liyasebenza ukususa imimoya emibi. Liyancinza, uyalihlanganisa ulipheke neminye imithi ugeze inkomo uma uzolala nobaba wekhaya, lenza isibambelelo indoda ikuthande. Liyangena emithini yokucela inhlanhla.
Idangabane umuthi kunedangabane lasemfuleni and idangabane lasolwandle, idangabane
liyasebenza emithi yesibambelelo liyathakwa neminye imithi ukwenza isibambelelo.
Liyageza inanazi ukuze uxoshe umnewenu uma ungumuntu wesifazane.
Idangabane or idabani umuthi owenza okuningi.
Lenzani idangabane?
- Ligeza abantu besifazane
- Liyangena kwisibambelelo
- Idangabane lomfula uma ulisebenzisile lenza
ukuthi umnakwenu noma enenkani enjani kodwa uyahamba. Usale wedwa kumyeni.
Liyabasiza nabesilisa abacushiwe ukuthi induku isebenze
kuloyo kuphela uma ifika komunye ingavuki .
Ixutshwa nezinye izinduku aqale agiye umnumzane.
- Idangabane liyachela lixosha imimoya emibi ekhaya. Futhi uyafutha ugeze ngalo livula izinhlanhla owazalwa nazo
nakho konke obesekulahlekile empilweni yakho ikubuyisela esimweni esijwayelekile
Isibambelelo esinziwa ngedangabane
Imithi yokwenza isibambelelo
Isibambelelo lesi ogeza ngaso, uyasi sokha emanzini bese ugeza ngaso.
Ukuphupha Idangabane umuthi
Amaphupho ngomuthi Idangabane,
kuchaza ukuthi ukuphupha umuthi Idangabane?
Ukuphupha umuthi Idangabane ngabe kuchazani? Kumele ubheke umsebenzi womuthi,
nendlela umuthi oyiyo, ikhona okuzokutshela ukuthi amaphupho omuthi achaza ukuthini?
Indlela yokusebenzisa imithi yesintu
Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:
- Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
- Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
- Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
- Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
- Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.
Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.
Video efundisa ngemithi yonke
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |