Impepho iyini impepho? Yini umsebenzi wempepho?

Impepho yikhambi elisetshenziselwa ukuxhumana nabangasekho amadlozi. Noma ngubani ekhaya unelungelo lokhushisa impepho, abantu besifazane nabo bavumelekile, kunenkolelo ethi abantu besifazane abavumelekile ukushisa impepho, cha kungamanga lokho. Isizathu sokunqabela abanye abantu ukuthi bashise impepho yingenxa ye-discipline (ngesingisi), Umsamo uyahlonishwa kuhle kungabangiswana ngempepho, kube ngasebekhulile bodwa. Umuntu wesifazane osesikhathini okuma periods uyayishisa yini impepho, yebo akunankinga.

Imisebenzi yempepho

Kunamagama ozowezwa uma kuxoxwa ngempepho

Impepho yamawele , Iyini? Yenzani impepho yamawele? Ukugeza ngempepho: uyageza ngalempepho yamawele uma ugeza ngayo usebenzisa amanzi emvula noma esiphethu. Umsebenzi omkhulu wayo ukuvula izinhlanhla. Uyayithatha lempepho uyifake ngaphansi komcamelo, bese uyalala, uzocaciselwa amaphupho, abantu abadala bazokhuluma nawe, uzobona nezinye izimanga, ezinhle. Futha: Uyafutha ngayo, iyafutha lempepho, uma ufuna ukwenza izicelo usebenzisa yona lempepho. Izangoma ziyayisebenza futhi lempepho.

Izinhlobo zempepho, types of impepho

Impepho yamaroma - lempepho lena ilempepho esetshenziswa ngama roma esontweni, siyayisebenzisa nayo ekwenzeni isiwasho

Impepho yamandiya noma yamasulumane - iyatshenziswa ukwelapha, ukuvikela, uma unenkinga yama moods ithunyise iyasebenza, uma unekhanda elizulayo mhlambe uzama ukufunda noma ukuthola a focus , shisa impepho yamandiya izokusiza. Uqaphele impepho yamandiya nomlotha wamandiya (holly ash) ngamakhambi ahlukene enza umsebenzi owahlukene.

impepho yamadwala or impepho yedwala - yini idwala?, idwala is a rock in english, not anyrock is called idwala, idwala can be a single long rock or multiple rocks , normal idwala is found by rivers, sometimes idwala forms a river bank. impepho yedwala ke imila ezindaweni ezingamadwala.

Impepho yezangoma - njengoba igama lisho lempepho incane ngesiqu kunempepho yezinyanga, eyezinyanga ice ukuceba ngesiqu.

Impepho yezinyanga

Impepho yomkhosi noma yamakhosi

Impepho yesizulu noma yesintu or yabadala

Imphepho yasentabeni or impepho yentaba noma impepho yasehlane - uyaqguma ngayo uphalaza, uyihlanganise ne holly ash. uma ufutha ngayo noma ugabha ngayo uyayishisa ibe ngumlotha bese uyifaka emanzini.

Impepho emhlophe, Bheka ngenhla ufunde ngempepho yamawele, impepho yamawele isetshenziswa ngamawele kanye nabantu abazalwa bempethe. iyimpepho eyenza umsebenzi osheshayo uma uthunyisa yona izimpendulo zayo zibuya ngokushesha futhi izinto zakho ziyacaca.

Impepho yasemanzini, yimpepho lena emila eduze nemifula, ithanda izindawo ezinamanzi eduze.

Itholakalaphi impepho?

Impepho imila ezindaweni eziningi kwazulu natal kanye nase eastern cape, iyatholakala nasezindaweni ezakhele idurban. Uma ufuna ukuthenga impepho iyadayisa ema taxi ranks, kulolonke izwe lase south africa. Ngenxa yobuningi babantu abathenga impepho iyatholakala nakubantu abadayisa emgaqweni, nasezitolo zemithi.

Impepho soap

Ukugeza ngempepho, impepho iyageza ukuze usondelane nedlozi lakho. Ukugeza ngempepho kwenza futhi ukuthi uvikeleke emimoyeni emibi. Kunanensipho edayisayo yempepho ongageza ngayo, kodwa kulula kakhulu ukugeza ngempepho asikho nesidingo sokuthenga insipho yemphepho.

Impepho pictures

izithombe zempepho, impepho esemsamo kayishuthwa, sike sibone abantu kufacebook beposa umsamo wasemakubo, cha ungalinge ukwenze lokho, sekukuningi ukuthakatha ngezithombe osekukhona.

Ukuqguma or ukufutha

Impepho iyaqguma, uyayishisa impepho uyenze umlotha, uthathe umlotha uwufake ebhodweni lakho elinamanzi abilayo. Ulinde isikhashana, bese uyalikhipha ibhodwe lakho eziko uqgume. Impepho nomlotha wamandiya: I holly ash, umlotha wempepho uyawuhlanganisa nomlotha wamandiya uqgume ngawo. Lokho kususa isichitho namabhadi. Impepho nobisi: Uma ufuna izinto zakho zibemhlophe zicace uyalifaka ubisi emanzini ofutha ngawo. Umlotha wemphepho lena osuke uyishisile iyazenza iziwasho, uyayiyifaka kwi isiwasho sakho ukuze sibe namandla.

ukuphalaza or ukugabha ngempepho

Impepho iyagabha, uzikiline ngaphakathi.

Phuza impepho / ukuphuza impepho

Ukuphuza impepho kuyasiza nasezifweni. uma unezinhlungu emzimbeni uphuza impepho uyasimama, impepho inalento ngesingisi ebizwa nge anti-inflamatory.

Amaphupho ange mpepho

Ukuphupha ushisa / uthunyisa impepho.
Uthunyisa impepho or ukhuluma empephweni
Ukuphupha impepho kuthe akufane nokuphupha utshwala
Wonke amaphupho empepho angamaphupho amayelana namadlozi. Abika ukuthi kumele uxhumane nedlozi. Kungenzeka kukhona umcimbi okumele uwenze, noma uqhelelene nedlozi, noma sewunesikhathi wagcina ukuxhumana nedlozi.

Ukuphahla, iladi impepho

Iladi aliphoqile ukuthi ushise impepho, amakhandlela ewodwa ayakhuluma nabantu abadala, kodwa ke uma uyaleliwe ukuthi khuluma ngempepho yebo nakho akunankinga. Uqaphele kodwa, uma abantu abadala bengageziwe noma kunezinto eziningi ezicacile ngomsamo wakho, awuyithinti impepho kodwa ukwenza iladi akunankinga.

Umxovo wempepho dj mpepho

Ukucela izinto zilunge isiwasho sempepho lesi. Udinga impepho, umlotha wamandiya okuyi holly ash kanye ne spirit. Uyakuhlanganisa lokhu uyaqguma , uyafutha, izinsuku ezintathu, uyakhuluma usho okufisayo, nangempela kuzokwenzeka ngokushesha lokhu okufisayo.

Funda ngemithi

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
Ngiyabonga khehla ngiyiwele bengingaz ngempepho yawl sengizoyisebenzisa Makhosi khehla