Izisho izaga zakwazulu nansi ilist yezisho nezaga, ezihambisana nencazelo, sina uzibethele zulu.
Isisho siwumusho oncikayo, okusho ukuthi siyaguquguquka ngokwenkathi, siyaya ebunyeni nasebuningini njll.
Isaga siwumusho ozimele, asiguquguquki ngokwenkathi, asiyi ebunyeni nasebuningini
Isibonelo. 1.Isisho》Ukubamba ongezansi, ngabamba ongezansi☑️,
ngibambe ongezansi☑️, SIBAMBE ongezansi☑️
2.Isaga》Isa lakatshelwa sibona ngomopho, Isa lakutshelwa SABONA ngomopho❌ (wrong).
Isisho siyaguquququka futhi siyaya nasenkathini edlule nezaayo, kanti isaga singu musho nje opheleleyo asiguquki futhi asiyi enkathini ezayo noma edlule
Isaga siqala ngebizo kanti isisho siqala ngesenzo.
1. Hamba juba bayoku chutha phambili
2. Itshe limi ngothi kombose kababa
Isibonelo sezisho nezaga.
Ingwenya idlela emsengeni
Umsinga yilendawo engena amanzi esizibeni ezishaya sampophoma ethandwa ngofishi kudlala kuyona so icutha laphoke ingwenya nawe sungahlanganisa kuthi kuqondwe ukuthini
Imbila yaswela umsila ngokulayezela kuchaza ukuthi angeke usizakale uma uthanda ukwenzelwa
Ingwe idla ngamabala kuchaza ukuthi umuntu uzenza yena ukuba athandeke
Ubopha inja nogodo kuchaza ukuthi kuchaza ukuthi uyancishana
Ukubona kanye ukubona kabili kuchaza ukuthi into eyenzekile isengaphinde yenzeke futhi
Ikati lilele eziko kuchaza ukuthi babulawa yindlala
Kumnyama ebusweni benkawu kuchaza ukungazi
Hamba juba bayokucutha phambili kuchaza ukuthi qhubeka nobuhlakaniphi bakho uyobathola abanjengawe
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.