Untongana zibomvana or ntongana zibomvu or ndongana zibomvu or isigenama or isigenama wenzani

Ntongana zibomvana / Ntongana zibomvu/ NDONGANA ZIBOMVU / (isgenama), kuyenzeka umuthi owodwa ukugilele izimanga,njengo NDONGANA ZIBOMVU(isgenama), Uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni. Uyangena emithini eliswana nabathakathi. Uyangena emithini yokususa isilwane.

Untongana zibomvana ukhipha isilwane

Unesilwane esilala nawe? Esihlale nawe uminyaka? Kudala usisusa akuvumi uze awusathembi emakhambini esintu? Noma wena uhlushwa umzimba othwalayo uhlezi usindwa, usindwa amahlombe, futha, geza, phalaze nge SGENAMA isinsuku ezintathu.

Untongana zibomvana ukhipha isilwane

Umuthi wokushelwa noma umuthi wokuqonywa kumabhungu? Ugcoba izimonyo umanye ubuso loko lutho. Geza nge SGENAMA sodwa VO uhambe uyodlala nezinye izingane, iya emall ubone abantu bejika nawe.

Umuthi womshado

Senithandane isikhathi eside kodwa umntakwenu akathi vuh ngamalobolo, isigenama siyangena emithini yomshado, awugeze ngaso, kanye nemithi yesibambelelo owodwa nje noma emibili bese afike usumlindele awusambethe, nizodlala umdlala wenu wabantu abakhulile, singene isibambelelo.

Sikhishwa kanjani isilwane?

Ntanganazibomvana umfana ka zihlanjana uwenza kanjani? Bilisa Linda kuphole hamba uyogeza ngaphandle kwesango .....sidedisa isilwane lana
Warning: uyancinza kakhulu

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke