Ihlala/ihlali wenzani
Ihlala/ihlali
Liyadliwa kodwa abantu abaningi iyabahlanzisa uma beyidla, Liyangena emithini yesibambelelo.
Liyangena emithini yokubuyisa idlozi, liyangena emithini yezitha, iyangena emthini yokubethela umuzi,
ibulala imithi egcekeni kubuse yona, imbelwa emakhoneni ekhaya ifakwa neminye imithi. Njengoba igama lithi ihlala,
uyawutshela lomuthi ukuthi awuhlale ugade ikhaya.
Ibhodlela lemali ukuthi idlale
Ibhodlela lokubiza imali ithi mayifika ihlale ingahambi.
Imali ephelela esandleni aibo akumele yenzeke leyonto,
uyagcaba ngalomuthi ezihlakalweni khona imali izohlala nawe.
Enza ibhodlela elizohlala esikhwameni sakho uma ungumuntu wesifazane uma ungumuntu wesilisa enza incweba ozoyifaka ku wallet wakho.
Umuthi wokucela imali
Umuthi wemali eningi, umuthi wemali nenhlanhla yemali,
ake siwuhlanganise ngalomuthi ongenzansi uyathunyisa abanye bathi ukushunqisa,
lomuthi uyawuthunyisa ukhulume okushoyo, uyalazi udaba lwakho
- Amampunzani
- Ikhokhelo
- Maliyavuma
- Hlalanyosi
- IziMpande zomkhokha
- Izinhlamvu zomkhokha
- Wozawoza yonke
- Amafutha amahlanu
- Mkhovu amafutha
- Piano amafutha
- Nkosazane amafutha
- Ntlwathi amafutha
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Indlela yokusebenzisa imithi yesintu
Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:
- Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
- Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
- Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
- Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
- Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.
Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.
Video efundisa ngemithi yonke
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.