Warts

Umhlume awelapheki kodwa zikhona izimbiza nemithi okudambisa umhlume, uyini umhlume? Umhlume uqhamuka egameni elithi ukuhluma, umhlume uyinoma yini ehluma endaweni yangasese, amapiles angumhlume, izinduna ezimbi ezimila zibeningi ngasese nazo wumhlume, konke okuhluma ngasese wumhlume ngokwesizulu, leligama liyadida ngoba lichaza izifo eziningi bese ngesingisi odokotela bethi uphethwe yini? Badideke uma uthi ngumhlume ngoba bona bazi ama piles, herpes...etc, ingakho uma uchaza umhlume kumele ube specific ukuthi unani kahle kahle. Isihlenhle umuthi wesizulu owelapha odambisa umhlume, ugobho umuthi wesizulu futhi odambisa umhlume. Umhlume owenziwa yi virus eyi herpes bakithi kawelapheki, izimbiza ziyawuthiba uyabuya cishe njani emva konyaka kuncika amasosha omzimba wakho akhona amaphilisi awudambisayo. Bese kuthi amapiles wona ayelapheka aphele nya, wona awanankinga. Umhlume wangemuva nawe uvela ngezindlela eziningi, abanye kuyasikeka kube nzima ukukaka baphume igazi, abanye kumila izinsumpa zivale indawo yokukaka.

Umuthi wokulapha umhlume ubhaliwe kule video engezansi. Imbiza yomhlume nayo sixoxile ngayo lapha ngezansi kule video

Izincazelo zemithi



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?