Bengithi lizokuna

ISINGENISO
Umlandi umuntu otholakala endabeni olandisa indaba kumfundi. Ubuka indaba macala onke. Unolwazi oluningi ngendaba futhi uxoxa ngabalingiswa bonke abasendabeni. Umsebenzi womlandi ukulandisa okwenzeka endabeni, ukulandisa ngemicabango yabalingiswa, ukwethula amaqiniso, ukuchaza abalingiswa, ukuchaza indawo, ukuqondisa kanye nokuxhumanisa indaba. Lokhu kuba nomthelela ekwethuleni nasekukhuliseni indaba. Abahlolwayo bangasebenzisa la maphuzu alandelayo ayizibonelo mayelana nomsebenzi womlandi kule noveli:

UMZIMBA BENGITHI LIZOKUNA
Izibonelo:
• Usilandisa okwenzeka endabeni:
Ukuhlangana kokuqala kukaMahlengi noXolani emhlanganweni wosomabhizinisi abafufusayo.
• Usilandisa ngemicabango yabalingiswa:
UNdumiso ecabanga ngokweswela kwakhe imali yokulobola uMahlengi.
• Ukwethula amaqiniso:
Ukubanjwa kwemihlangano yokuthuthukisa osomabhizinisi abafufusayo. Umhlangano owawuhanjelwe nguXolani kanye noMahlengi bezama ukuthuthukisa amabhizinisi abo ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.
• Ukuchaza indawo:
Indawo yaseSouth Coast. Indawo enhle, inemifula eminingi engenela olwandle. Izinindolo zamahlathi, odedangendlale bamasimu kamoba nobhanana aluhlaza cwe.
• Ukuchaza abalingiswa:
UNyambose owayevula evala isango epulazini likaNgidi. Wayeyisigemfunga. Egunde kahle ekhanda, enamehlo amakhulu nomlomo owawuvuza amathe. Wayegqoka ibhulukwe elaliboshwa ngothayi. (Umfundi uyoqhubeka aphawule ngomsebenzi womlandi esebenzisa ulwazi lwakhe lokuhluza.)

ISIPHETHO SEMPENDULO (UVO LWAKHO)
Umlandi wale noveli ukwazile ukusethulela indaba yakhe esebenzisa amasu ehlukahlukene okwenza indaba ibe noheho/nelukuluku ofundayo angayibeki phansi. (Abahlolwayo mabaveze uvo lwabo, bakhombise ukuthi sebeyayiphetha impendulo yombuzo. Impendulo mayibhalwe njenge-eseyi.)

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?