Imixovo eyahlukene

Iziwasho zinhle ukuthi uma uzenza uqale ekuqaleni, okushuthi ngaphambi kokwenza isiwasho kuhle uqale uzikiline kuqala, uma uzokwenza isikhafulo kuhle ukhiphe isichitho, ngoba kungenzeka indoda yahamba ngenxa yesichitho. Kanjalo neminye imixovo kuhle ukuzikila kuqala ngaphambi kokusebenzisa umxovo. Uma uzosebenzisa isichitho kumele uqine kuqala ngoba kuyenzeka sigxume sibuyele back kuwena. Emva kokusebenzisa umuthi wesichitho kumele uhlanze izandla zakho phela ube kilini, ngoba bewuphethe umuthi omubi.

Gugu Gasa Ai bomnxa nami ngithi ngicela ukuthatha lethuba ngibonge uMthandazi izinto zami no babazi zihamba ngendlela ayingithandi indonda bakwethu ngiyawubonga uDj mchamo nale eyentambo ebomvu ngiyikhohliwe ukuthi uDj bani kodwa bomnxa kungihambela kahle kade ngikhala njalo ingijolela indoda kodwa manje ingithanda ukuzindlula yona Lol ngihlekela phezulu ngiyabonga baba wethu ngeziwasho.

Kulemixovo kushoda u Dj Garlic , ugaya u Garlic ube yimpuphu, ufake camphor block, ufake umlotha wamandiya, ugeze , uqgume, uchele ekhaya, kusuke isichitho, izilwane, otikoloshe, izipoki, imithi yabathakathi, emva kwalokho nawe uzothandeka.

Thumamina, IMPEPHO LE EJWAYELEKILE UMLOTHA WAMANDIYA UYAKUHLANGANISA UYAZIKALELA BESE UYAKUSHISA UKHULUME KUSASHA KUTHI UKUTHUMA KUPHI BESE UTHATHA LOWOMLOTHA OSHILE UWENZE ISIWASHO SAKHO UZOLOKHU UWUKHA LOMLOTHA NGE TEASPOON UFAKE MANZINIGEZA NGAWO OR GQUMA NGAWO INSIPHO AWUFAKI UMA KUPHELA UNGAQALA PHANSI

DJ thumamina: mpepho + holy ash ukushisa ndawonye, bese uyakhuluma ubathume LA kuthanda wena babuya bephila , usebenzisa impepho ne holly ash ukuthumela umlayezo kumuntu. nangempela leyonto izokwenzeka

Dj spirit and Dj rice ungenzela ezibukwayo. Kade sihlupheka kodwa zijikile izinto nathi sihleka njengabanye.

DJ eggs kumele unemaqanda 9 shukela o brown Bisi ukwenza for 3 days that his bhavu gala manzi ashushu Phule maqanda ayi 3 manzi ni wakho fake izipuni ezintathu zoshukela obrown gala I cup yobisi uyakhuluma khipha isichitho amabhadi isinyama uvele ukukhanya

DJ THUMAMINA shisa impepho uyihlanganise ne holyash(mlotha wamandiya) uyakuthuma noma yikuthi kubabazi , msebenzi ezidalwa zakini Lana funa khona uyakhuluma KONKE bese mase kushile uthatha umlotha wakhona wufaka Ku container uzochaphuna nge spuni uzogquma bese uyageza

Uma unenkinga la kule page siyakusiza, ngabe ufuna ukukhipha isilwane? uhlushwa amaphupho amabi awulali ebusuku, buyisa indoda yakho noma ubuyise umfazi wakho, izikhafulo zikhona sinazo, ubhekamina ngedwa ukhona, umfazi nje siyamcupha umfazi siyambopha indoda iyakho siyibophe sisi ingahambe ifeba, leziwasho ezingenhla uyazisebenzisela ukugeza isichitho, ukulahla isilwane singaphinde sibuye ngisho ne silwane esilala nawe uvuke umanzi , umuthi wenhlanhla umsebenzi ukhona usebenzisa holly ash wena sizokuchazela ukuthi yenza kanjani iziwasho zethu la ekhaya zimahala , uma kwenzeka ukhala nge indliso umchamo uyawuphuza ukushisa indliso ngaphakathi, noma umuntu wakho endlisiwe uyamphuzisa umchamo wakho uwufake etiyeni ukuze kushe idliso nemithi efakwe kuyena, intando efakwe kuyena izophuma noma ngabe intando yabaphansi. Nansi imixovo ehamba phambili iziwasho ezinamandla ezihamba phambili ususa amashwa ususe amabhadi ususe ilumbo uthole umsebenzi

Isiwasho milk sokususa amabhadi ubize inhlanhla uthole umsebenzi. Iziwasho zomsebenzi zilula zithandwa zami, udinga lokhu okulandelayo:

  1. usawoti ongumbala oPink (Pink bath salt)
  2. Peppermint lona obhalwe o-x abathathu
  3. bese kuba wubisi lwasesitolo olubhalwe ukuthi fresh milk
Uyakuhlanganisa lokhu ugeze ngakho, uyafutha or steamer or uyaqguma, ugabhe or uphalaze, uzenzela isikalo sakho, azikho izinsuku ezibaliwe la uma uthanda yenza isonto lonke uma uthanda 2 weeks uma uthanda 4 days, angeke ungawutholi umsebenzi mntakamama

A list of traditional iziwasho 1. Iziwasho zenhlanhla for bringing lucky and fame into your life 2. iziwasho ze business for bringing money into your business 3. Iziwasho zothando, this is isiwasho for bringing love, getting married and people in general to like you

Umlotha wamandiya i holly ash inomsebenzi omuningi, siyakhafula ngayo, siyaqhuma ngayo, kodwa ungavele uyithathe uyenze funda ngemixovo yethu lapho siyi mixer khona nezinye iznto, uqaphele umlotha wamandiya awakhelwe ukuphuzwa nokuphalaza ngawo, uma sikuyalela ukuthi phalaza ngawo ufake into encane kakhulu, ngenxa yokuthi phela kasazi ngempela ukuthi wakhiwa ngani umlotha wamandiya. Wona unamandla kahulu.

Lana kuleli page sixoxa ngeziwasho ezinamandla ngempela uyageza ngazo, uyaqguma ngazo, uyaphalaza ngazo, uzobona impilo yakho icaca bha. iziwasho lezi ezinamandla, ziyabuya sizoposa isiwasho ulwandle, uzothola isikhafulo esenziwa ngolwandle ubuyise indoda yakho eyahamba ngo 1980.

1.DJ RICE Udinga ilayisi lakho elimhlophe (White rice) elingaphekiwe, ubisi oluyi fresh milk kanye namanzi (water) kanye nomlotha wamandiya phela (Holly Ash) , Hlanganisa zonke lezithako zakho, uthele kancane emanzini uGeze. Haibo uzobona wena izinhlanhla zemali , aibo uzobona wena usushelwa amablessor, uthi uyahamba abantu bakubabaze waze wamuhle oooh, uzobona sekufona ama x akho akushiya ngoba ethi umubi, lesiwasho sinamandla amakhulu, uvulavale wesiwasho.

2. DJ GARLIC..Gaya iGarlic, Gaya Camphor block, Holly Ash hlanganisa Gquma, Geza, Chela endlini egcekeni ukhiphe isichitho, izilwane, umoya omubi ekhaya.

3.DJ VUMA.. Holly Ash, Fresh Milk, Vuma. uwufake emanzi ashisayo gquma / futha, Geza uzobona uzoshelwa uthandwe ngisho nangama blessor nama crush lawa okade uwafuna.

4.DJ R2 . Thatha imali emhlophe uR2 uwufake ku 2 ltr bese ubilisa impepho neHolly Ash masekupholile uthele ubisi kancane kuyo le 2Ltr bese uyageza uyaGquma ukhulume usho okufunayo.

5.Susa isichitho esinenkani, Isiwasho sokususa isilwane, ube nezinhlanhla kubuye ubabazi wakho akuthande kakhulu. udinga: Nukani, Maphipha, Mpindamshaye uyahlanganisa Geza, Gquma.

6. Phunyuka Ezitheni Zakho, izitha zihlukane nawe phansi , sebenzisa uMpindemuva, Phunyuka, Mpila, Wenzanjani ngalezithako? uyaGeza, uyaGquma, uyakhuluma utshele izitha ukuthi azihambele kude nawe. amaxoki asebenzisa kabi igama lakho ahlukane nawe phansi. uzowubona umahluko.

7. Inhlanhla Yemali or Umsebenzi. udinga lezithako ezintathu: Nhlanhlemhlophe, Mpepho, Fresh Milk hlanganisa uGeze kubuye inhlanhla yomcebo yemali yomsebenzi, kumele impepho uyishise ibe ngumlotha kuqala, konke lokhu uma ukwenz uyakhuluma phela usho okufunayo , umuthi womsebenzi lona ungawathuthathi kancane wusebenzise ubone izinto zakho zikhanya. Insila yemali lena engikunika yona, ngaphandle kokucela umsebenzi nemali uyayicela kulesiwasho, isikhwama semali sakho sizohlale sigcwele. Ukuthwala for imali ungakwenza uma uthanda kodwa lesiwasho engikunika sona la asinabungozi.

8. DJ Vaseline. Thatha uVaseline, iVimbela noma imuphi umbala, Holly Ash noma singathi umlotha wabasendiya, konke lokhu kuhlanganise ukugcobe uma sewulala, angeke uphuphe kabi, kuyasebenza ukuxosha amaphupho amabi ebusuku.

9. Vula inhlanhla , ukuvula inhlanhla, ukubuyisa inhlanhla eyathwetshulwa. udinga Holly Ash, UVuma omhlophe, uMkhando omhlophe, Itshe labelungu Pink , konke lokhu uyakuhlanganisa ufuthe ngakho ugeze ngakho, uzikalela wena isikalo esifanele wena, ukuthi ufutha izinsuku ezingaki futhi nakho uyazikalela wena.

10. DJ TEA. Thatha iTeabag noma elinjani, Holly ash faka emanzini uliyeke kancane iteabag bese uyalikhipha lahle uGeze uGqume kuvuleke into zakho. Uzobona izinto zakho zicaca bha.

11.DJ Magic . Udinga Bath salt noma imuphi umbala, Epsom Salt hlanganisa Geza,Gquma kusuke isichitho uthandeke..

12. DJ BK. Bhekamina ngedwa, igama liyazisho ke bakithi, indoda izobheka wena wedwa. udinga lemithi elandelayo: Nginakile & Holly Ash. Hlanganisa uGeze, Gqume uzothandwa. indoda izobheka wena wedwa, ikunike imali, uthando, impatho.

13. Uma uhlushwa ukungalali ebusuku, uphazamiseka, uthuka ebusuku ulele. Qoba uBanana uwubilise uphuze uzoke ulale ubuthongo ulalise okwengane encane.

14. Thenga lezinto...Pink Bath salt, Holly Ash, Camphor block, Zamlandela. Gaya ukuhlanganise uGeze uGqume. Faka kancane holly ash no zamlandela, izinto ongazazi zakhiwa ngani ungabozifaka kakhulu.

Qaphela: Ubozijwayeza ukuthi ukhulume uma wenza iziwasho zethu noma kungashiwongo ukuthi khuluma kodwa ungathuli nenhloso ngaphakathi, yikhulume. Uma usebenzisa iziwasho ezifakwa izinto ezingama chemicals, njengo shibhoshi, spirit , sebenzisa kancane maybe half a tea spoon.

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp

Ulwazi ngemithi eyizihlahla

Ulwazi ngemithi ethakiwe