isidikili umuthi

isidikili umuthi uyakwazi ukusiqoba usifake esibayeni uma usola kuthi khona abakwenzayo kwimfuyo yakho. Izimpande zesidikili ziyaphekwa zibeyimbiza eba isiphungo sezinhlobo eziningi zemikhuhlane,izifo ezizwelisa amakhaza, umzimba omubi,izifo ezifo ezidlikiza igazi,ingxibongo. Izifo ezidla imithambo yamaphaphu. Uxubhele ubuhlungu bezinsini ezophayo,amazinyo ukudumba nokuvuvukala. Uyathoba izindawo ezenyeleyo, nezidumbile. Oyimpuphu uwumhlabelo ogcatshwayo lapho kuphuke khona ithambo,uyalihlumisa.

Ngike ngasisebenzisa isidikili ukuthaka ngaso, okusho ukuthi ngenkathi ngihlephula ngihlephule mawala savuthukela engalweni, yeer kwabe ngiyiqhathile, kwaluma engalweni, kwafofotha kunjalo. Kuphoqe ukuthi ngigqume noma ngomsuzwane ngemva kokuqeda lento ebengiyenza, bekufutha ubuso ngathi upelepele.

Isidikili / isdikili Uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni. Uyelapha umzimba omubi. Welapha ukudumba komzimba, welaphe izilonda ezimbimbeni ezinhlobonhlobo. Uyaphuzwa lapho unezilonda emlomeni nangaphakathi, uyathoba ngawo lapho unezilonda ngaphandle. Siiyangena kwinsizi yokubethela, siyangena ekuxosheni umuntu ongasamfuni empilweni yakho.

Amehlo abuhlungu angaboni kahle, ake senze umuthi wamehlo. Kuyenzeka ubenenkinga yamehlo abenenkinga ungaboni kahle, noma mehlo abe bovu, noma ube nengubo emehlweni, thola ISDIKILI usenze sibe weak usibilise bese uyasisefa usisefisise ebese usifaka 1 drop esweni uyolala...

Mhlanukelwa isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokukhulumisa idlozi. usetshenziswa emithini eyenza isichitho sokuhlukanisa abantu. Sukasambe (woza woza ewutshani?) / wozawoza enye ayiwona utshani isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisikhafulo. Iyangena emithini yokubiza ama customers. uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini yemali, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini ye promotion, isikhundla emsebenzini. Iyangena emithini yokufuna isikweletu.
Mzungulu isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? usetshenziswa emithini yokususa isinyama. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwidliso lokuthi umbambe angathandi abanye. usetshenziswa emithini evusa imizwa, usetshenziswa emithini yokukhulelwa. usetshenziswa emithini oyisebenzisayo ucela izinto kuyona.

Video efundisa ngemithi yonke

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?