Lapha ngikhuluma ngokuba-positive, uma ucabanga izinto ezi-right uzituse ngasosonke isikhathi, impilo yakho nayo izoba nezinto ezi-right, kumele u-focus koku-positive empilweni, ukuze izinto zakho zikulungele. Nasemakhandleleni i-focus yakho kumele yenze i-appreciation kwi-future. Uma ulayithela umuntu ikhandlela lokuthi abuye, kumele ube nokuhle okuzokwenzeka infuture emqondweni, kanjalo nekhandlela lomsebenzi, nakuwowonke amakhandlela.
Uyakwazi ukukhuluma nomuntu ungamkhafulanga, ungasebenzisanga muthi, kodwa usebenzise amandla akho angaphakathi. Ngesingisi lokho kubizwa nge Telepathical communication. Lokhu uyakwazi ukukwenza kunoma imuphi umuntu, udinga ukuthumela i-vibration kulowomuntu. Into ebalulekile nge telepathic ngukuthi uyithembe ukuthi izosebenza.
Kubalulekile ukucabanga izinto ezi-positive ngalowomuntu. Okokuqala udinga ukukhetha i-topic ozoyixoxa nalowomuntu, yixoxe naye emqondweni, kube mnandi ube ne-bond naye, uma kungumuntu obuthandana naye mkhumbuze izinsuku ebezimnandi unaye, xoxa naye uhlale naye ube naye, uma ukwenza lokhu ngempela ukuzwa ngaphakathi, i-vibration izosuka kuwe, iye kuyena, uzobona efona noma e-commenta ku-facebook wakho. Kubukeka kuliphupho lokhu kuyenzeka futhi kuliqiniso. Ungakusebenzisa lokhu ukubuyisa i-x yakho, ukutshela i-crush yakho ukuthi ikushele njalo njalo.ukuze uthumele i-energy yothando kumuntu, kumele ube nothando lwakhe, awukwazi ukuthumela into ongenayo. Ukuthumela ama-energies usebenzisa ikhandlela noma usebenzise umqondo wakho. Sizoxoxa nge-candle later.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |