Igama lesayensi lika-Unhlungunyembo ngu-Acokanthera oppositifolia, elaziwa ngesiNgisi ngokuthi i-"Bushman's poison bush". Lesi isihlahla esiluhlaza njalo (evergreen) singowomndeni wezitshalo i-Apocynaceae, futhi kwakade sisetshenziswa ngabeSan nabeKhoisan ukwenza ubuthi bemicibisholo. Kwezinye izindawo lesi sitshalo sibizwa ngokuthi Inhlungunyembe - amagama womabili achaza isihlahla esifanayo.
Kwezinye izindawo lesi sihlahla sibuye sibizwe nangokuthi "isihlungu semamba", kodwa leli gama yisidlaliso esivela endleleni umuthi ozizwakala noma osebenza ngayo.
Isexwayiso: Zonke izingxenye zalesi sihlahla zinobuthi obukhulu, ngaphandle kwesithelo esivuthiwe ngokugcwele - okuncane nje kwaso kungabulala. Akufanele sisetshenziswe ngaphandle kolwazi olufanele lwendlela yesintu.
Unhlungunyembo / isihlungu semamba Ubulala izikelemu ngaphakathi ziphume sezifile. Uyangena emthini yokuvusa indu-ku. Uyasiza kubantu besifazane abanama periods abuhlungu.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |