Inkomo yomqoyiso

Umqhoyiso in english is cow that is paid to the wife, this cow is not a virginity cow as our readers below are explaining that this cow is slaughted on the wedding day, ukuqhoyisa happens on the wedding day. Inkomo kamama which means it is a "mothers cows". People must stop speaking lies, even if a woman is not a virgin all cows are paid. Umqhoyiso is for welcoming a bride, so if you say somepeople dont get umqoyiso how is the bride being welcomed? Umqoyiso is not for virgin woman as many people think.

Imibono yabafundi

Umqholiso inkomo (cow) yinkomo ebalwa kwizinkomo zamalobolo, ihlatshwa kubo kwamkhwenyana . Lenkomo eyokungenisa umlobokazi emagcekeni asemzini, umakoti nomkhwenyana abayidli lenkomo.

Inkomo yomqhoyiso inkomo kamama. Inkomo yomqhoyiso idliwa izalukazi ngaphandle kwesango ayingeni nhlobo egcekeni, idliwa izalukazi zendawo.

Basetsane Sokhulu ngyabingelela kumphathi we page mina ngicela ukwazi ukuthi kanjani ngoba eyomqhoyiso ihlatshwa Uma kugcaggca makoti. Futhi wuye makoti oya esbayeni eyoyetha kuqala ngaphambi kokuba ihlinzwe

Basetsane Sokhulu bengazi kuthi inkomo yomqhoyiso ihlatshwa makushadwa Lena endliwa omama ngaphandle kwe gceke bengazi ukuthi imvimba bese kuthi le fuywayo ekababa bangazi ukuthi ibizwa ngedemeshe.

Zama Gcinile Izindawo zifani nokwenza izinto thina ngapha inkomo yomqhoyiso Ile ehlatshwa uma koti mayegcagca inkomo kamama sithi inquthu

Sakhi Khuzwayo Kuya ngeziNdawo. KuMaphumulo wangakithi emaQadini,kwaNyuswa,kwaWoza nakwaQwabe yayihlatshelwa ngaphandle ebizwa ngeHlawulo isuke ihambisana neMbuzi ebizwa ngengezaMuzi. Idliwa iphele bayasikelana oMama. Sebeyayidla naBeslisa inyama le neNdlala ibhokile. EkaMama uyayifuya ma ebize ehamba ngamaSondo kanjalo noBaba uyayifuya. Siyibiza ngeMvuma ekaBaba ngakithi.

Phili Ntombela Kusho ukuth izindawo azifani Inkomo yomqhoyiso sazi ukuth yilenkomo ehlatshwa uma kugcagca umakoti eyethiwa nguye kuqala esbayeni Ebalelwa zintomb amanxeba uma ihlatshwa zith inkomo kadade ayilale ayivuke Okuyinkomo engadliwa ingane kamakoti ogcagcayo

Gugu Shandy Phili Ntombela impela izigodi azifani Nam ngaz kanjalo, thina sithi ingezamagceke ehlatshwayo bese kuba eyenquthu ke ekamama.. Umqhoyiso ungosuku lokuyoqhoyiswa emzini eseqede ukuncanyiswa ngenkomo Kubo futh umakoti.

Fah Fanele Phili Ntombela impela nami cc ngazikanjalo njengoba uchaza,inkomo ephekwa ngaphandle idlelwe khona mina ngazi ukuthi, ile ebizwa ngesdikli esuke ilethiwe isoka elikhulelise intombazana yakulowomuzi and ngakithi leyonyama yesdikli idliwa yiwowonke umuntu, ngaphandle kwamantombazane asethombile akuleyondawo awayidli leyonyama yesdikli, kodwa ke izindawo azfani



Video efundisa ngemithi yonke

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?