Ngaphambi kokuqala essay yethu yosuku ake sichaze amagama esizulu esiwathola kuyona inkulumo elungiselwe. Izikhukhula ngamanzi amaningi ahambayo akhukhula izinto , lamanzi ayingozi ngoba amukisa izinto eziningi ahlangana nazo. Umonakalo kusuke kuchazwa okonakele.
Umonakalo Odalwe Izikhukhula Ezweni Lethu mukhulu futhi omunye angeke ulungiseke. Umonakalo ongeke walungiseka ukushiwa amalunga omndeni wakho ngenxa yezikhukhula, Sizwakalisa ukukhalisana nemindeni eyalahlekelwa ngenxa yezikhukhula. izimoto zaguguleka, imigwaqo eminingi sekumele yakhiwe kabusha. Imigwaqo eyavaleka abantu bahlala ezindlini izinsuku bengakwazi ukudriver baphuma emakubo ngoba imigaqo iphukile.
Izimoto zakhukhuleka kulaba abangenayo imishuwalence kuyobiza kakhulu ukukhanda lezozimoto ezinye angeke zisakhandeka, uma imoto ike yangenwa ngamanzi ayibe isalungiseka izinto zayo ezisebenza ngogesi, ziyaye zishintshwe.
Umonakalo omkhulu wenzeka ngokumuka komhlabathi kanjalo ke nezindlu zamuka, eminye imindeni izokwakhelwa izindlu kwenye indawo ngoba indawo angeke isalungiseka. Uma ubheka ukumuka kwezindlu uzocabanga izimpahla eziphakathi ezamukayo, ucabange ngisho namaphepha afana nama id okuyomele abantu bawenze kabusha. Umonakalo wokuqala phansi wakhe noma uyokwakha kwenye indawo uthatha isikhathi ukusuka enhliziweni ngoba usuka komakhelwane okungenzeka bewubathanda usiyozithola usukomakhelwane hlambe abangenabo ubuntu.
Ukushona kwabantu, baningi abashona ngenxa yezikhukhula, abanye balahleka, engingenaso isiqiniseko noma bagcina betholakele bonke yini?
Miningi imigwaqo eyathinteka , ngisho nemigwaqo enguthela wayeka, ukuthinteka kwayo kusho ukuhamba kancane kwenzinto, ezindaweni ezifana no pinetown upetrol waphela emgaragy, eminye imigwaqo isakhiwa lokhu okuzibiza uhulumeni izigidi zama randi.
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |