Ngifuna ukubuyisa indoda yami kumele ngenzenjani?
Sizokuchazela lapha isikhafulo esisheshayo sokubuyisa intombi yakho noma umfazi wakho noma ex yakho eyakushiya kudala.
Ukushiwa isithandwa sakho kungenza impilo yakho ibe sad uphatheke kabi. ikakhulukazi uma uchithe isikhathi eside uthandana naye.
Amanzi emvula
ukuphephetha umuntu wakho ngomlotha wamandiya kuzomenza azizwe ekuthanda akufonele, axolise
noma ngabe kwakunguwe owamphatha kabi. Uzobuya ngokushesha,
kulomxovo wokulanda isithandwa sakho uzodinga.
- Amanzi omfula ohambayo noma amanzi emvula
- Umlotha wamandiya
- Umchamo wakho
- Amanzi olwandle
Uyakuhlanganisa konke lokhu ukufake ebhodleleni elicane,
Ekuseni, emini, ntambama ebusuku uyashukuza / uyaxukuza ibhodlela lakho,
Ubize isithandwa sakho ngegama usho ukuthi masibuye ngokushesha.
bese ufaka emlomeni ukhwife or ukhafule or ufele (wonke lamagama asho into eyodwa).
Uyakhafula or uyaphephetha ngawo umuthi lo, kothi kuphela isonto wobe esebuyile ubaby wakho.
Uma nginesichitho ngifuna ukubuyisa usbali , ngabe azosebenza yini amanzi emvula?
Kuzomele ukhiphe isichitho kuqala.
Ukugeza ngamanzi emvula kufana nokusebenzisa isiwasho sokuzihlanza,
geza ngamanzi emvula or olwandle or omfula ohambayo ukuze uzohlanzeka
uphume imimoya oyifakwa ngabantu, kanye nemimoya oyicoshayo kubantu in public.
Enzani amanzi olwandle , amanzi olwandle uyageza ngawo uma unamaphupho amabi, ayangena emithini yezikhafulo,
lapho uthakathwa khona uma ugeza ngamanzi olwandle umuthi awusebenzi kuwena.
Umlotha wamandiya wenziwani noma wenzani , uyasebenza kwizikhafulo, kwiziwasho, wenza iziwasho zibe namandla,
wenza izikhafulo zisebenza umlotha wasendiya unamandla kakhulu.
Umchamo wakho uyasebenzi kwizikhafulo ikakhulu nasekukhipheni idliso.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
Scammer Alert!!
Kunama scams aqola abantu, athi azobuyisa umuntu, akwenzele umuthi on your behalf,
bese ukhokhile akunike ama articles ami. Angisebenzisani nabo Thokoza gogo,
Ayikho inyanga ekwazi ukukhafulela omunye umuntu. Imithi idinga wena mnikazi ukuthi uzenzele.
Ayikho inyanga ebuyisa umuntu ngesithombe.
Before ufakele imali umuntu mbuze ukuthi uzokuposela yini imithi? uma engakuposeli vula icala.
Ungamfakeli imali umuntu othi uzokwenzela umuthi.
Always ask for a person's bank account and click verify sender ukuze uthole ama details ebank owner.